100% satisfaction guarantee Immediately available after payment Both online and in PDF No strings attached 4.2 TrustPilot
logo-home
Summary

Summary Summarised but a little long

Rating
-
Sold
-
Pages
28
Uploaded on
14-04-2023
Written in
2022/2023

Good summary for the matric novel. Gives information about the characters, plot, themes etc. Summary of all chapters.

Institution
Course










Whoops! We can’t load your doc right now. Try again or contact support.

Connected book

Written for

Institution
Course
Schooljaar
201

Document information

Summarized whole book?
Yes
Uploaded on
April 14, 2023
Number of pages
28
Written in
2022/2023
Type
Summary

Subjects

Content preview

IQONDE KUPHI LE NDLELA

Isihloko: Lesi sihloko sikhuluma ngendlela ehanjwa uMzwakhe, KK Kanye nabantu ayesebenzisana nabo.
UKK wayethanda ukusebenzisana nabant abasebasha Kanye nezingane zesikole okufanele ngabe
bengabaholi bakusasa. Umbuzo uthi le Ndlela abayihambayo yobugebengu nobukhonyovu ngabe
iqonde kuphi na? Lapho kuphinde kubandakanyeke namaphoyisa asebenzisana no KK kulobu
bugebengu.



ISIZINDA

Indawo: Le ndaba yenzeka endaweni yaselokishini eSikhawini lapho khona kwakunobuugebengu
obuningi obabenzeka endaweni, buthinta izikole Kanye nezikhungo zasemaphoyiseni. UMzwakhe
benoZama babefunda esikoleni sasendaweni. Kubona iTheku lithathwa njengendawo eyigugu enhle
nabazikhiphela kyona. Nangu uMzwakhe ethembisa uZama ukuthi uzomkhiphela ePavillion. UZama
uyakujabulela lokho.

Isikhathi: Le ndaba yenzeka esikhathini samanje. Lokhu sikubona ngoba kusetshenziswa
omakhalekhukhwini uma abantu bexhumana. Kulula ukuhambela amazwe anagaphandle. Ubugebengu
Ukk ubuqhuba kalula ngenxa yokwanda kobuchwepheshe. Kusebenze bona futhi ubuchwepheshe
nokuxhumana namaphoyisa ekutheni o-KK begcine bebanjiwe. UNomadayimane owayesebenza kwaKK
wazithatha kalula izithombe ngaphandle kokuthi abanjwe, yizo lezo zithombe ezaveza ukuthi babenza
imali yomgunyathi zaholela ekutheni baboshwe. Kuphinde kube namanyuvesi, sibona ngoba uZama
efunda. Nemisebenzi eyisemanje lapha sibona ngomsebenzi otholwa ngu Mzwakhe eKapa.

Isimo senhlalo: Abantu balendawo bahlalisene kahle yize kunokusolana ngokuthi kukhona abantu
abathakathayo nabanye abanobugebengu. Sibona umama kaZama emxosha uma ethola ukuthi uZama
usekhulelwe, uZama ubalekela kagogo wakhe. Lapho ugogo uyamamkela benoMzwakhe, umthatha
njengomkhwenyana wakwakhe. Ubaba kaMzwakhe uyindoda eyaziwa ngokuhlale iphuzile. OMzwakhe
bebezizamela bona ukuziphilisa. Ubekwazi ukufundisa udadewabo uThandi ngenxa yokuthi ubaba
wakhe ubengasebenzi, isimo singekho sihle ekhaya.



IZINDIKIMBA

Ubugebengu:

Ubugebengu nomkhonyovu kule ndaba kwenziwa u-KK esebenzisa abafana besikole njengoba
ayesebenzisa uMzwakhe yena obesafunda isikole. Kulo lonke uhlobo lobugebengu ayelwenza u-KK
wayehambisa uMzwakhe phambili. Naye futhi wayevumela phezulu ngokuba uyalwazi uhlobo lwemali
ayezoluthola ngawo lo msebenzi. U-KK wayesemthembe uMzwakhe emethemba nangemoto yakhe.
Ubugebengu obenziwa ngu-KK kubaleka ekushushumbiseni izimoto ezebiwe, ethenga edayisa
amadayimane ngomkhonyovu, agaye imali yomgunyathi aphinde adayise nomthunzi wezinkukhu.
Obunye ubugebengu ayebenza nentombi yakhe eseMamelodi ebizwa ngo Puseletso. Iyona
eyamhlanganisa no-Adolf unjiniyela waseJalimane owamdayisela umshini wokugaya imali yomgunyathi.

,Sibona uMzwakhe esebenzise le mali ayeyithola kulo msebenzi wakhe ukondla umndeni wakhe
njengoba ubaba wakhe wayekhonze utshwala. Uphinde enzele nentombi yakhe izinto ezinhle, aphinde
akwazi ukondla ingane yakhe ayithola kuZama, amkhokhele nasenyuvesi. Bayabonakala abangane baKK
ayenza nabo ubugebengu sebemjikela ekugcineni ngenxa yokuthi naye wayengathembekalile
ekubakhokheleni. UPhiri ukhala ngokuthi u-KK ukulahlisa okwenja uma esekusebenzisile engasafuni
ukukhokhela, wagcina esemumpimpa emaphoyiseni. Amaphoyisa siyawabona engena ngaku-Adolf
egcina esebophe u-KK.



Ingalo yomthetho:

Amaphoyisa abonakalile enza umsebenzi wawo yize noma ayekhona ayethinteka emacaleni obugebengu
boKK. Iphoyisa uMaziya yilona elalikhipha iminingwane egcinwa emaphoyiseni kuphela eyayimayelana
necala yena ayikhiphele u-KK. Lokhu kwakwenza ukuthi agcine engaboshwanga, abaleke ngoba
ethiphwe umngani wakhe uMaziya. Lesi senzo sense ukuthi kube nzima u-KK abanjwe enqwabeni
yamacala ayenawo. Ukubaluleka kwakhe kuphele lapho esempintshwa uPhiri ngoba wayengasafuni
ukumkhokhela u-KK. UMartha naye usizile ekutheni aboshwe u-KK. Yize noma kubonakale sengathi
imizamo yakhe iphelele emoyeni kodwa lolo lwazi alunike amaphoyisa lugcine lusizile.

Kusiza wona amaphoyisa nasekubanjweni kukaMzwakhe owampintshwa udadewabo naye esenziwa
ukuthuka uma ezwa ukuthi uMzwakhe nguyena owabulala uThemba. Amaphoyisa asindise impilo
kaZama njengoba uMzwakhe wayengena eflethini lakhe ethi uzoqeda ngoba ayemsola ngokuthi
usenelinye isoka.



Uthando lwabantu abasebasha

Lapha sibona uMzwakhe benoZama beqhuba uthando besesikoleni. Uthando lwabo abafundanga ukuthi
luphazanyiswe muntu. Kwale noma uZama eseshelwa nguThemba Cele okungenani baqhamuke necebo
elizokwenza uThemba isilima badale ngaye. UZama uselokhu ebonakala ehamba naye uThemba.
Uyathethiswa unina ngoba usehlale ebonakala naye kodwa uZama uyaphika uthi abathandani.
UMzwakhe ugcina ebulala uThemba ngoba ebona ukuthi uzothatha intombi yakhe ngampela. Uma
esekhulelwe uZama, uMzwakhe uba nokungabaza ukuthi ingane eyakhe ngempela ingane kodwa noma
kunjalo ukwazile ukumnakekela waze waba uyabeletha. Nengane ubeyondla kahle ngaphandle
kwezinkinga. Inkinga iqala lapho uMzwakhe eseya eKapa afika ahlangane nentombi okuthiwa
uNomonde eyazishelela kuyena wathamba naye. Noma ayishiya eKapa wazama ukukhohlwa yiyona
kodwa yona yamlandela yaze yafika ekhaya likaZama. Lapho uZama acishe ayishaya. Kuphinde kwaba
nzima-ke uZama esefunda enyuvesi esethola isoka elisha elinguthisha wakhe owayebizwa ngo Romeo.
Usinde esethi uyamhlasela ngenxa yokuthi wayenokusola ukuthi uZama useqomile. Wayezimisele ukuthi
ofika aqothe imbokodo nesisekelo uma ebafica bendawonye eflethini.

Ukungethembeki

Lokhu kubonakala kuMzwakhe ngenkathi eseKapa ethandana noNomonde ekubeni uthandana noZama.
Intombi le ngoba ayazi ngoZama iyamlandela uMzwakhe kanti izogcina ifike kaZama ocishe ayithele
isibhaxu. SIbuye sithole uZama engathembekile kuMzwakhe. Yize ayezimisele ukwehlukana noMzwakhe

, ngenkathi eseqome uRomeo kodwa lokhu kuMzwakhe kwavela njengokungathembeki. UMzwakhe
wayezimisele ukubabulala ngenxa yalesi senzo.




ABALINGISI/ABADLALI



UMDLALI INDIMA AYIDLALILE KUMDLALO INDLELA AVEZWE NGAYO
Mzwakhe Ngumfana owayesafunda isikole.  Uvezwe njengomfana onesibindi sokwenza
Wayethandana noZama. Wayesebenzela u- ubugebengu abuye abe ngumfundi esikoleni
KK benza naye ubugebengu. Wahamba  Wayehlakaniphile ngoba wakwazi ukuqhuba
wayosebenza eKapa kwenye yezinkampani ubugebengu ngaphandle kokuthi intombi
zakhona. Waayenomntwana noZama. Nguye yakhe uZama nabomndeni wakhe babone.
owayondla umndeni wakubo elekelela  Wayethembekile ku-KK ngoba wayekwazi
noZama ezifundweni zakhe. ukumethemba ngemoto yakhe futhi
wakwazi ukumenzisa imisebenzi
yobugebengu ngesibindi sokuthi uzokwenza
konke ngobunono.
 Washesha ukuyengeka ngenkathi
uNomonde efuna ukulala naye
 Unothando ngoba akafunanga
ukulahlekelwa nguZama, wabulala uThemba
ngenxa yakhe futhi wayezimisele ukuthi
okungenani uzomane abulale umuntu
kunokuba alahlekelwe yintombi yakhe
UZama Ungumfundi esikoleni saselokishini  Unesibindi ukwazile ukuthandana
esikhawini. Wayethandana noMzwakhe. noMzwakhe waphinde wathandana
Waphinde wathandana noThemba yize noThemba eqhuba icebo lakhe uMzwakhe.
noma phela bemkhohlisa khona kuzoba  Wayeyilwela into ayithandayo/ayifunayo
sengathi akandaba noMzwakhe. ngoba nangu eshaya uNomonde owayefike
Unomntwana noMzwakhe. Waxoshwa ethi uzofuna uMzwakhe
ngumama wakhe ekhulelwe wayohlala  Akathembekile ngoba uthanda nabafana
nogogo wakhe. Waphasa umatikuletsheni Kanye Kanye. Uphinde abe nesibindi ngoba
wayofunda enyuvesi eThekwini. Enyuvesi wathandana no Romeo esebona ezophila
wafika wathandana no Romeo impilo engcono no Romeo efuna ukumshiya
phansi uMzwakhe ngoba ebona sengathi
akayi ndawo
UKK Isigebengu sendawo esisebenzisa izingane  Ungungqondongqonndo wezobugebengu
zesikole. Unentombi ehlala eGoli uPuseletso, ngoba kuthathe isikhathi ukuthi amaphoyisa
ayeyikhumbula ngezikhathi ezithile. emubambe
Usebenzisana namanye amadoda  Akathembekile njengoba uPhiri esho ukuthi
ekuqhubeni ubugebengu uyakwazi ukumjikela umuntu angabe
esamkhokhela imali amkweleta yona.
 Yize enobuhlakani kodwa buphelile
eseboshwa ngamaphoyisa
$149.00
Get access to the full document:

100% satisfaction guarantee
Immediately available after payment
Both online and in PDF
No strings attached

Get to know the seller
Seller avatar
edmaraa48

Get to know the seller

Seller avatar
edmaraa48
Follow You need to be logged in order to follow users or courses
Sold
0
Member since
2 year
Number of followers
0
Documents
1
Last sold
-

0.0

0 reviews

5
0
4
0
3
0
2
0
1
0

Recently viewed by you

Why students choose Stuvia

Created by fellow students, verified by reviews

Quality you can trust: written by students who passed their tests and reviewed by others who've used these notes.

Didn't get what you expected? Choose another document

No worries! You can instantly pick a different document that better fits what you're looking for.

Pay as you like, start learning right away

No subscription, no commitments. Pay the way you're used to via credit card and download your PDF document instantly.

Student with book image

“Bought, downloaded, and aced it. It really can be that simple.”

Alisha Student

Frequently asked questions