Afl2603 Exam Pack
AFL2603 EXAM PACK 2018 #MKHULU ----------------------------------------------------------------------------------- KUXABENE UBENDLE (INOVELI) Xoxa ngesakhiwo senoveli uchaze ngokulandelana kwezigigaba ezenzekayo. Izigigaba ziyizehlakalo ezibalulekile ezenzeka emdlalweni. Ukuhleleka kwazo kumele kucutshungulwe kahle. Kukhona izigigaba ezithathwa njengezinkulu kanti kukhona nezincane. Zonke izehlakalo endabeni kumele kube khona umsebenzi obonakalayo ezinawo endabeni. Ukuhleleka kwezehlakalo kumele kulandele isikhathi sokwenzeka kwazo. Isizinda sisho indawo lapho indaba yenzeka khona kanti isimo senhlalo sichaza impilo ephilwayo kuleyo ndawo. Ukuqonda isizinda nesimo senhlalo kusiza kakhulu lapho umfundi esehlulela izenzo zabalingiswa nobuntu babo. Njengasempilweni yemihla ngemihla, umuntu uphila impilo akhule phansi kwayo. Izimo zempilo aphila phansi kwazo ezenza umuntu abe yilokho ayikho. Inoveli esiyifunde kulo nyaka yenzeka elokishini laseMlazi. Indikimba ibaluleke kakhulu ngoba yiyona ehlanganisa indaba ibe yinto eyodwa. Okokuqala umfundi into afisa ukuyazi ukuthi inoveli iquketheni. Ufisa ukwazi ukuthi inoveli ixoxa ngani. Kungabe kukhulunywa ngabantu, izilwane, izitshalo, kukhulunywa ngezimpi, ngothando, ngezamabandla, ngezombusazwe? Uma esekutholile lokhu umfundi ube esefuna ukwazi ukuthi uyini umyalezo wombhali. Umbhali uwubhale ngendlela egculisayo umdlalo wakhe mayelana nokukhula kodweshu emdlalweni usuwonke. Umbhali usebenzise abalingiswa uMfundisi uSokhela kanye noMazibuko ababanga isikhundla esontweni ukwethula umyalezo wakhe wesimo esidabukisayo. UMfundisi uSokhela ubhekana nenkinga mayelana netulo elakhiwa uMazibuko nomkakhe uMazikode ukuze bamketule esikhundleni sakhe sobufundisi sithathwe uMazibuko. UMfundisi Sokhela uvezwe njengomlingiswa okufanele ukuba umfundisi ngoba uvezwa engagudluki ekukholweni noma eseze waboshelwa icala angalenzanga, uyaqhubeka nokuthembela kuMvelingqangi. UMazibuko uvezwa njengomuntu othanda izikhundla, ononya, ozifelayo ngezinkamba zikaFaro nongenasimilo. Mayelana nesizinda uma sibheka isimo senhlalo kuvela ukuhambisana mayelana nokuziphatha kwabalingiswa. Ngokwendawo lendaba yenzeka endaweni yaselokishini elinabantu abaphila impilo engafani ngenxa yezimo zomnotho ezingalingani. Isimo senhlalo siveza isimo sobuphofu nendlala ngenxa yokugqoza kwamathuba emisebenzi. Lesi simo sidalwa izimo zepolitiki yaseNingizimu Afrika ngenxa yengcindezelo. Isimo sengcindezelo saholela ekukhipheni abantu abansundu inyumbazana kwezomnotho nakwezepolitiki. Lesi simo sakhela sagxila saze samila izimpande yingakho nje singasombululeki kalula ngisho emva kwenkululeko. UMazibuko kule ndaba ushaywa isimo sokungalingani kwezomnotho okwenza naye ahalele ukungena esikhundleni sikamfundisi uSokhela. Umfundisi uSokhela wabe esephila kamnandi esiphumile esimeni sokuhlupheka nokuhlala emjondolo. Ubudlelwano balaba bashadikazi bungobeqiniso ngoba bayabambisana kwabakwenzayo baphinde bakhulume ngazwi linye. Lokhu kuyagqama kakhulu lapho bebambisana mayelana nentulo lokuketula umfundisi Sokhela esihlalweni sokuhola ibandla. Lokhu kwaba imfihlo yabo bobabili, yingakho nje kuvela endabeni ukuthi yize uMazibuko eseziphethe kabi. Kodwa umkakhe wafela ngaphakathi wangayidalula imfihlo. Ngisho nezinto ayesezenza uMazibuko ezidicilela phansi isikhundla sakhe nesebandla, akazanga amchaye ebandleni. Akaveli futhi esabisa umyeni wakhe ngokudalula imfihlo ngenxa yokungaziphathi kahle. Ngisho esenikezwa ithuba enkonzweni ukuba ahlanze amaqiniso ngentulo abalenza ukuketula umfundisi uSokhela. Uvezwa emanqikanqika kangangoba uze adedele umyeni wakhe kwaba nguye odalula onke amaqiniso. Mfundisi (Nobhala) Mazibuko
Información del documento
- Subido en
- 9 de noviembre de 2021
- Número de páginas
- 12
- Escrito en
- 2021/2022
- Tipo
- Examen
- Contiene
- Preguntas y respuestas