1. Nikeza izinhlobo ezinhlanu zamabizo bese unikeza nesibonelo
esisodwa uhlobo ngalunye. (10)
a) Amabizoqho
Isibonelo: uNjabulo
b) Amabizomuntu
Isibonelo: umshayeli
c) Amabizongxube
Isibonelo: uNomasonto
d) Amabizombaxa
Isibonelo: igejambazo
e) Amabizoqoqa
Imfuyo
2. Chaza ukuthi liyini ibizo. (2)
Ibizo igama lento ebonakalayo nengabonakali, kungaba yigama lomuntu,
isib. uSipho, noma kube yigama lento ebonakalayo, isb. isihlahla noma
kube yigama lento engabonakali, isib. umoya,
3. Khipha iziqalo neziqu zamabizo alandelayo. (4)
Ibizo Isiqalo Isiqu
a) umqaphi um- -qaphi
b) izindebe izi- -ndebe